FIFA SAFAUncategorised

UMcKenzie ufunela iSafa imibiko ngodaba lwamaphuzu eBafana

Umphathintambo wezemidlalo, uGayton McKenzie, uthumele incwadi esemthethweni kuMongameli weSafa uDanny Jordaan lo-CEO uLydia Monyepao, efuna iimpendulo ngodaba lokukhutshwa kwamaphuzu eBafana.

UMcKenzie ufuna umbiko ophelele wokuthi iSewula Afrika iphathe njani ukudlalwa komdlali ongekho emthethweni, uTeboho Mokoena, ngokumelene neLesotho, okwenza iqembu lilahle amaphuzu amathathu ekufinyeleleni iNdebe yoMhlaba ka-2026.

IFifa iguqule ukunqoba kweSewula Afrika okungu-2–0 kwaba ukulahlekelwa ngamaphuzu angu-3–0, isinqumo esasingaseduze nokuphazamisela amathemba eBafana Bafana okuqalisa.

Encwadini yakhe, uGayton McKenzie uthe lesi senzakalo siveze ukukhathazeka okukhulu ngokwehluleka kokuphatha ngaphakathi kweSafa.

Uphawule ukuthi iSafa ibonise ukuthi ifuna ukudlula kuludaba, kodwana uMcKenzie ugcizelele ukuthi ukucaca kanye nokuthatha umthwalo kufanele kube kuqala.

“Umphakathi ufanelwe ukuqinisekiswa ngokuphelele ukuthi zinyathelwe izinyathelo ezifanele,” kubhala uMcKenzie.

Ucele ukuba kube nokucaca ngokuthathwa komthwalo, izinyathelo zokuziphatha lapho kudingeka khona, kanye nezinhlelo eziqinileyo zokuvikela amaphutha afana naleli.

Izwi lomphathintambo laliqinile izinsuku zokufihla amaphutha ebholeni zibukeka sezidlulile.

UGayton McKenzie ubhalele futhi uMongameli weFifa, uGianni Infantino, uxolisa ngodaba lukaTeboho Mokoena.

“Egameni lombuso weSewula Afrika kanye noMnyango Wezemidlalo, ngethulela uxolo lwethu olujulile kuFifa ngalesi siphithiphithi sokuphatha, esizwise ihlazo ibhola laseSewula Afrika.

“Sicela nibe nesiqiniseko sokuthi akusilo inhloso yami, noma yomnyango wami, ukuphazamisa ukuphathwa kwebhola.

“Siyakwazi ukuthi ukuphathwa kwebhola kusezandleni zeFifa kanye neSafa kuphela.

Kodwana njengelizwe, sizibophezele ngokujulile ekuphatheni ubuqotho bomdlalo nasekugcineni idumela leSewula Afrika emhlabeni jikelele.