MUKHULU UMONAKALO ONGADALWA YI-CHIEFS KOWE-SOWETO DERBY
CISHE alikho iqembu kwiBetway Premiership elifisa ukuba sesimweni iKazier Chiefs ezithola ikuso njengamanje, ikakhulukazi njengona inomdlalo omkhulu ngeSonto nomkhaya bayo i-Orlando Pirates. Amakhosi abhekene nesinqumo esinzima okumele asithathe e-FNB Stadium, ngo-3pm uma esedlala neBhakaniya kowaphuzu kowomkhaya baseSoweto.
Njengamanje iChiefs izinto zisayihambela kahle ngemuva kokudlala imidlalo eyisithupha yeligi ingayazi induku. Inkinga ebhekene nayo manje wukuthi ngeSonto kuzomele inqume ukuthi iyaqhubeka yini nokugcina lomgqigqo wayo noma ikhohlwe wuwo bese yenzela obhuti bayo abadala ufefe lokubanika amaphuzu aphelele ukuze baqhubeke nomkhankaso wokuzama ukuhlwitha iMamelodi Sundowns isicoco seligi.
Amabhakabhaka ngakolunye uhlangothi aqhwakele kwi-log kanti amaphuzu amathathu angawenza ayigcine leyo ndawo, okungenani kule mpelasonto. ISundowns, ebambane ngo 1-1 neStellenbosch ngoLwesithathu, isayinamathele eduze iBucs kanti nayo inomdlalo ngeSonto neRichards Bay.
Nokho ukunqoba kweBucs kungasho lukhu kuyo – ikakhulukazi uma iDowns ingabuya elikamabuyaze eRichards Bay Stadium ngo-5:30pm. Lomdlalo uzobe ungelula neze kweZimnyama kwazise zizobe zidlala zazi ukuthi iSundowns ibabheke ngabomvu.
Yize neChiefs ingakuthokozela ukubona elinye iqembu ngaphandle kweSundowns linqoba iligi kulesizini, kodwa akubonakali ingayekelela iPirates izithathele kalula nje lawo maphuzu ewadingayo.
Nazo ezasePhefeni kukhulu ezihlose ukukuzuza kule sizini futhi amaphuzu amathathu angayisondeza kulokho. Okwamanje Amakhosi asendaweni yesithathu kanti ukuqhubeka nokuwola amaphuzu aphelele angakwazi ukuzithola esedlala kwi-Caf Confederation Cup ngesizini ezayo njengoba enzile nakule esikuyo.
Ngaphandle kwalokho, kunesithunzi engathanda ukusibuyisa kwazise yaguqa ngo 3-0 ishaywa yibo omkhaya babo kuyo lenkundla ngo-Febhuwari. Okunye, njengoba umqhudelwano weNdebe Yomhlaba ususemome, abadlali beChiefs bangathanda ukushaya into ecokeme ukuze bahehe iso lomqheqheshi weBafana Bafana uHugo Broos okulindeleke kuthi ngenyanga ezayo amemezele iqembu lokugcina azoya nalo kulemindlalo eqala ngo-Juni, eMelika, Canada naseMexico.
Kona kuningi okusengcupheni kulomdlalo kuzona zombili lezi zinkunzi zaseSoweto, kodwa okuzobaluleka kubathandi bebhola kuleli wukubona umdlalo oseqophelweni eliphezulu.

