
UJingles Ulangazelela Isihlalo SeBafana ⚽️
Owayengumqeqetshi we Mamelodi Sundowns ne Al Ahly, uPitso Mosimane, uveze ngokusobala ukuthi unesifiso sokubamba isikhundla seBafana Bafana njengoba uHugo Broos kulindeleke ukuthi ehle ezinyangeni ezinhlanu ezizayo.
U‘Jingles’ usehlale ngaphandle komsebenzi isikhathi esingaphezu komnyaka ngemva kokutshiya i-Esteghlal FC ngoZibandlela ka-2025.
UMosimane uthi uma iSouth African Football Association ingamupha inkontileka namuhla, angasayina ngaphandle kokungabaza.
Uthi isifiso sakhe siqhutshwa yinjongo yokuwina i-Africa Cup of Nations, indondo ayingakayitholi ezingeni lezwekazi, nakuba esephumelele kathathu kuCAF Champions League.
“Indondo ye-AFCON yiyo kuphela engisayintula. Ngifuna ukuvala indaba yami ngebhande lelo,” kutjho uMosimane ekhuluma ku-SMWX Podcast.
Uthi iSewula Afrika inethalente elanele ukunqoba, ikakhulukazi njengoba amakilabhu afana neSundowns, Pirates neChiefs eqinisa emincintiswaneni yezwekazi.
Ubonisa ukuthi ibhola lihamba ngemijikelezo, njengamazwe afana neBrazil, France, Spain neArgentina.
Ngokombono wakhe, isikhathi sifanele, isizukulwane silungile, begodu akufanele kwenziwe izaba iBafana Bafana ingayenza.
Ubuye wathi akalwi nabanye abazongenela isikhundla, kodwa uzimisele ukusebenza nanoma ngubani ozakhethwa.
Ugcizelele ukuthi isizukulwane samanje sinomoya wokulwa, ikhono, nokuzethemba.
Uthi uma kunokuhleleka okuhle, ukusebenzisana phakathi kweklabhu nenhlangano, kanye nokwesekwa ngabalandeli, iphupho lokuphakamisa indebe ye-AFCON lingaba yimpumelelo enkulu esizweni sonke.
Ukholelwa ukuthi isikhathi sesifikile sokubuyisa isithunzi sebhola leSewula Afrika ezingeni lezwekazi.
Futhi uzimisele ukuhlinzeka ngolwazi lwakhe olubanzi kubadlali abasakhulayo basekhaya.
