
Ngabe iBucs isimtholile ‘ozovala’ esikaNdah olimele?
Ukulimala kuka-Olisa Ndah kube yisikhubekiso esikhulu kwi-Orlando Pirates kaJose Riveiro njengoba kwenzeke leli qembu livele lishoda emuva.
Kwenzeka nje esinye sezethenjwa zikaRiveiro emuva, uTapelo Xoki usanda kwelulama ekulimaleli kanti usazama ukubuyela esimweni esifanele ukuze abuyele ekudlaleni.
Futhi, kusukela ngasekupheleni kwesizini edlule uNdah ubesebenzisana kahle noThabiso Sesane emuva kwiBucs.
Baqhubekile nasekuqaleni kwale sizini kwaze kuba uNdah uyalimala bebhekene nePolokwane City emdlalweni weligi emasontweni amathathu edlule.
Ekulimaleni kwakhe, indawo yakhe ithathwe uNkosinathi Sibisi. Emdlalweni wakhe wokuqala enoSesane emuva, badlala kahle kowamanqamu weMTN8.
Kodwa ubuthaka nokungasebenzisani kahle kwabo kuhlale obala ngoMgqibelo, begqekezwa kalula yiMagesi FC emdlalweni weCarling Knockout.
Manje sekuvela ukuthi uRiveiro uselande umfana omncane eqenjini leDStv Diski Challenge, uMbekezeli Mbokazi ukuzoqinisa ezitobheni.
UMbokazi unyuselwe eqenjini elikhulu ngesizini edlule, kodwa ubesaqhubeka nokujima nokudlala eqenjini leDDC.
Kodwa njengaoba uNdah ezohlala isikhathi eside engekho eqenjini, noXoki esazama ukubuyela esimweni, sekuvele ithuba kuMbokazi.
Ubonakale ejima neqembu elikhulu ngoMsombuluko ngesikhathi lilungiselela umdlalo walo weBetway Premiership.
IPirates izobhekana neSuperSport United e-Orlando Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
OLUNYE UDABA: URamovic uphawula ‘ngokukhumbula uMr Sunshine’ wakhe
Kuzobe kubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi uRiveiro uzosisetha kanjani isikimu sakhe kulokhu.

Pingback: Ithemba kwiPirates kubuya izinsika zeqembu – IBHOLALETHU