
UHenry urarekile ngo mbono kaCarragher nge-AFCON final Senegal 25!
UThierry Henry walahla khulu umbono kaJamie Carragher ngesikhathi baxoxa ngomdlalo wokugcina we-AFCON phakathi kweSenegal neMorocco.
Lomdlalo ubegcwele iingxabano, imizwa ephezulu, nezigameko eziphazamise umoya womqhudelwano.
Unompempe uJean Jacques Ndala wanikela iMorocco ipenalty ngomzuzu wokugcina, lokho kwabangela abadlali beSenegal ukuphuma enkundleni bekhonona.
Umqeqetshi uPape Thiaw watshengisa ukuthukuthela, ikakhulu ngemva kokuthi igoli leSenegal linqatshiwe ngaphambilini.
USadio Mane wazama ukukhuthaza abadlali ukuthi babuyele enkundleni, kwathi ngemva kwesikhathi eside umdlalo waqhubeka.
UPenalti kaBrahim Diaz yabanjwa kalula nguEdouard Mendy, kwathi emdlalweni owalandela isikhathi esengeziwe, uPape Gueye wafaka igoli lokuwina, wenza iSenegal yanqoba indebe.
Emva komdlalo, iingxabano zaqhubeka nasezinkulumweni nabezindaba.
UCarragher waphakamisa ukuthi kungalethwa onompempe baseYurophu, kodwa uHenry waphendula wathi i-AFCON ngumqhudelwano wase-Afrika, kufanele uphethwe ngabase-Afrika.
Wathi kunesidingo sokuqeqeshwa nokuthuthukiswa konompempe, kungabi ukwehlisa isithunzi somqhudelwano.
Waqinisekisa ukuthi amaphutha akufanele asole i-AFCON, kodwa kufanele asetshenziswe njengethuba lokukhula nokulungisa ikusasa lebhola lase-Afrika.
UHenry wagcizelela bona ukuthuthukiswa konompempe kufanele kuqale ezingeni lezifundazwe, kufakwe imfundo eqhubekayo, ukuhlolwa okuqinile, nokwesekwa kwezobuchwepheshe.
Wathi iVAR kufanele isetshenziswe ngendlela efanele, ingabi yimbangela yokungezwani.
Lokhu kuzokhulisa ukwethenjwa, kuqinise ubulungiswa, kuphakamise izinga lomqhudelwano, kwenze abadlali, abaqeqetshi, nabalandeli bazizwe behlonitshiwe njalo.
