Betway Premiership

Ithemba kwiPirates kubuya izinsika zeqembu

I-Orlando Pirates izobe seyiqine kangconywana esiswini uma seyibheke neSuperSport United ngoLwesibili ebusuku. 

Ukubuya kukaMakhehleni Makhaula noMiguel Timm akungabazeki ukuthi kuzowenza umehluko kweZimnyama. 

IPirates ayidlalanga kahle ngempelasonto njengoba bebengekho laba bobabili, noThalente Mbatha engekho. 

Esitatimendeni sayo ngoMsombuluko, iPirates iveze ukuthi uMakhaula noTimm bengase babuyele eqenjini losuku. 

Nokho ayikucacisanga ukuthi kungani bebengekho ngempelasonto edlule njengoba kwakungabikwanga ukuthi balimele noma banomkhuhlane. 

Kungenzeka ke nokuthi babephunyuziwe ngoba kungekho okutheni okulindeleke kwiMagesi FC eyijikele esiswini njengotshwala iBucs. 

Njengoba sekuwumlando kuyo ukuthi ibhuliswe amazolo kwiCarling Knockout, iPirates seyibheke ukwenza kahle kwiligi. 

Vele ikuvezile ekuqaleni kwesizini ukuthi izindebe ezibheke kakhulu eseBetway Premiership, ukuvikela ezayo ezimbili, iMTN8 neNedbank Cup bese yenza kahle nakwiChampions League. 

IMTN8 seyisemxhakeni kanti kwiChampions League isingenile esigabeni samaqoqo. 

Kwiligi isendaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kanti ukunqoba kwiSuperSport kuzoqinisekisa ukuthi iSundowns ayibashiyi kakhulu. 

Uma inqobile iBucs kulo mdlalo ose-Orlando ngo-7.30 ebusuku, izoqhwakela kwilogi okokuqala kule sizini. 

Nokho kungaba okwesikhashana uma iSundowns inqoba nayo uma seyibhekene neRoyal AM ngoLwesithathu.