Betway Premiership

URamovic uphawula ‘ngokukhumbula uMr Sunshine’ wakhe

USead Ramovic uthi yena usebenzela ukusiza abadlali babe ngcono empilweni njengoba kwenzeka nakuye, hhayi ukuqhudelana nabanye abaqeqeshi. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uRamovic, oqeqesha iTS Galaxy, ubenobudlelwano obungebuhle nobeqeqesha iMamelodi Sundowns, obebenza ukuqhudelana kwabo kushube.

Kweminye yemidlalo bekushuba kuze kubonakale ukuthi sekushoda ozogadla kuqala phakathi kwabo. 

Njengoba uMokwena engasekho, esekwiWydad Athletic eMorocco, uRamovic uke ‘wazama ukumlandela’. 

URamovic ube nezingxoxo neRaja Casablanca futhi waze wahamba eseyoyijoyina kodwa wafike wajika ngenxa yokungavumelani ngokuthile nayo.

IRaja yizimbangi ezinkulu zeWydad ebholeni laseMorocco kanti laba baqeqeshi bebezoqhuba umncintiswano wabo kwiBotola Pro League. 

Selokhu ebuyele kwiGalaxy izinto azihambi ngendlela afisa ngayo njengoba esahlulwe kuyo yomine imidlalo asayidlalile. 

Lokhu kwenze kwanokusola ukuthi kungenzeka akasaggqugquzelekile njengoba ingasekho imbangi yakhe uMokwena. 

“Wothi ngiyibeke kanje lento… Usebenza kanzima, wenze imali,” kusho lo mqeqeshi kwiMarawa Sports Worldwide

“”Lokho usuke uzenzela wena futhi usuke ungakaphili emhlabeni. Uma uphuma, ubheke abantu abadinga usizo lwakho, bese wenza izimpilo zabo zibe ngcono. 

“Uma sewubona ukuthi ushintshi impilo yomunye umuntu, nokuthi lowo muntu akazange alilahle ithemba ngenxa yakho, yilapho ke uqala khona ukuphila. 

“Angibandaba mina noRulani. Anginandaba ‘nempi’ abantu abacabanga ukuthi besikuyo naye. 

“Into engizimelela ngayo mina empilweni yinhlonipho. Ngiyakusukumela engikholwa wukuthi kufanele. 

“Anginandaba nomunye owenza okwakhe. Angifuni kusho lutho ngaye ngoba akakufanele ukuthi ngikhulume ngaye. 

“Mina ngifuna ukukhuluma ngento ebaluleke kakhulu empilweni. Angifuni ukubuyela ekutheni lo muntu wenza lokhu, wenza lokhuya – uyalwazi udaba. 

“Ngiyazi kwawena waba namahloni ngakwenza, futhi wakubonga ukuthi kuyindelelo, hhayi kimi nje kodwa kubo bonke abanye abaqeqeshi. 

“Kodwa ke akuseyona into esingagxila kuyo lena. Uma kukhona obona ngincishelwe wumdlandla ngokuthi akasekho, wumbono wabo lowo.” 

One thought on “URamovic uphawula ‘ngokukhumbula uMr Sunshine’ wakhe

Comments are closed.