Uncategorised

U-BRONDON PETERSON UPHOSELE INSELELA UMQEQESHI WEBAFANA BAFANA UHUGO BROOS

UZIBONAKALISILE unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Peterson ukuthi ukulungele ukuba yingxenye yeqembu lesizwe lakuleli elizoya kwiNdebe Yomhlaba ngo-Juni. Okusele manje sekukumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

UPeterson ushaye into ecokeme ngeSonto ntambama ephuduka iqhawe ngesikhathi Amakhosi edlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlaweni weBetway Premiership. Lo nozinti, oqokwe njengomdlali ovelele, ugila izimanga nje uBroos ubekhona kulo mdlalo uphelezelwa yisekela lakhe uHelman Mkhalele.

Lo mdlalo bese kungumdlalo wesikhombisa Amakhosi engahlulwa kanti nabadlali bawo bebebonakala ukuthi ukuzethemba kuphezulu. Ngemuva kwawo, uPeterson akufunanga ukuzincoma ngobuqhawe bakhe.

“Empeleni abantu okumele bashayelwe ihlombe ngokwenzeke kulomdlalo ngozakwethu, hhayi mina ngedwa nje. Sisebenze kanzima iviki lonke ukulungiselela lomdlalo. Abantu abawazi umsebenzi onzima esiwenzayo ejimini ukuze sibanike imiphumela abasuke beyifuna. Iqembu lonke, ngibala nabaqeqeshi imbala, kumele bashayelwe ihlombe,” kusho uPieterson, ehlengezela izinyembezi.

Lo mdlalo womkhaya baseSoweto bekungowesine uPeterson ewudlala kanti ulibambile irekhodi lakhe lokungahlulwa kuwo. Umphumela wawo ushiye zombili lezi zinkunzi zihlezi kulendawo ebezivele zikuyo ngaphambi kokuba uqale.

Yize iBhakabhaka belingathanda ukuwaqoqa wonke amaphuzu, ngezizathu zalo, kodwa kuyiqiniso engeke kwalona iliphike ukuthi libe ngcono iphuzu kunokusala lingenalutho. Lisaqhubekile nokuhlala indaweni yokuqala kwi-log namaphuzu awu-59 kanti iChiefs yona isayibambe endaweni yesithathu namaphuzu awu-47.

IPirates kuzomele ixhawule iRichards Bay iyibonge ukuthi kuphele impelasonto isaqhakwele. Phela iNatal Rich Boys ibambe iMamelodi Sundowns emdlalweni ophele ngo 0-0 ngalo iSonto ntambama eRichards Bay Stadium.

Nokho, iDowns isayiphefumulisa kanzima iBucs njengoba isasendaweni yesibili namaphuzu awu-58. Okwamanje iSundowns inomdlalo owodwa engakawudlali ukuze ilingane nePirates.

Lowo mdlalo izowudlala ngoLwethathu nePolokwane City eSeshego Stadium ngo-7:30pm. Omunye umdlalo ongalolusuku ngesikhathi esifanayo ophakathi kweSiwelele neChiefs eFree State Toyota Stadium.