CAF Confederation Cup

Ikhono Likhona, Igoli Liyala – Izaga ZikaShabalala ⚽️

Izingqalabutho zeKaizer Chiefs uItumeleng Khune loDoctor Khumalo sebephendule ngokwehluleka kukaMduduzi Shabalala ukuphosa amathuba alula okutshaya igoli.

Noma behlukana ngemibono ngezizathu ezenza lo mdlali osemncane angakwazi ukuthola amagoli muva.

Lo mdlali ophakathi enkundleni uhlangabezane nobunzima bokusebenzisa amathuba emidlalweni eqakathekile.

Okugcine sekubangele ukuthi iChiefs iphucwe isicoco seNedbank Cup esigabeni sokuqala, njalo iqembu selisengozini yokungangeni kuma-quarterfinal eCAF Confederation Cup.

Amakhosi bekufanele banqobe i-Al Masry ngamabili kwamagoli bengavunyelwa lutho emdlalweni wabo weqembu owawudlalelwa ePolokwane ngeSonto ukuze bazidlulisele ngokuzenzakalela.

Kodwa baphoswa ngamathuba amanengi, kuhlanganisa lelikaShabalala elikhumbulekayo ngemizuzu yokugcina.

UKhune uthe uShabalala udinga ukuyekela ukuphuthuma ngezinqumo zakhe.

Uthe umdlali uhlale ezithola esezindaweni ezinhle zokutshaya igoli, kodwa uphelelwa yikuzola.

Ngokubona kukaKhumalo, ukuminyana kwemidlalo kudlala indima enkulu, njalo uthe lo mdlali angasizwa ngokwengeziwe ekuqeqesheni, ngoba le yindaba engalungiswa ngokuqeqetshwa okufanele.

Uqhubeke uKhumalo wathi umdlali akufanele asolwe kakhulu ngoba isimo asibhekene laso sidinga umsebenzi oqondile wokumqondisa.

Uthe ukuqeqetshwa okusebenzayo kungamsiza uShabalala athuthukise indlela yokusebenzisa amathuba, amfundiswe ukuzola phambi kwegoli, lokwenza izinqumo ezifanele ngesikhathi esifanele, ikakhulu emidlalweni emikhulu.

Ngakho-ke, bobabili bavumelene ukuthi amathuba lo mdlali awatholayo atshengisa ikhono lakhe, kodwa okudingekayo:-

Ukubekezela, ukwesekwa okuqhubekayo kanye nesikhathi esanele sokuqeqeshwa ukuze akwazi ukubuyisela ukuzithemba lokuba ngutshayi-magoli othembeleke kuye eqenjini.