Uncategorised

UNengomasha akeneme ngokuchiza kukaMusona 

UTinashe Nengomasha, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs useveze ukukhathazeka kwakhe ngoKnowledge Musona. 

UMusona, oke wangukaputeni weqembu lesizwe laseZimbabwe, kubikwa ukuthi uchizela mqeqeshi waleli qembu wamanje, uMichael Nees. 

Lo mqeqeshi usekuveze ubala ukuthi unesifiso sokubuyisela uMusona eqenjini lesizwe njengoba enzile nangoKhama Billiat. 

UBilliat ufike wadlala kahle njengoba ebuyiselwe kwiWarriors, futhi kwabonakala okwenze uNees ambuyisele.

Kodwa uMusona, naye owazakhela igama kwiChiefs phambilini, ubukeka engayizwa eyokubuyela eqenjini lesizwe.

Ngesikhathi ewabeka ethala amakhokho okudlala ebholeni lamazwe ngamazwe, wathi yisikhathi sokunika abadlali abasebancane ithuba. 

Kodwa uNengomasha ubona sikhona isikhala sakhe kwiWarriors, futhi engxoxweni neLisenethini uveze imizwa yakhe ngalokhu.

“Akungiphathi kahle ukubona uKnowledge Musona echizela umqeqeshi uMichael Nees njengoba emcele ukuthi abuyele eqenjini lesizwe,” kusho oNengomasha.

“UKnowledge Musona uyadingeka eqenjini lesizwe ngoba unesipiliyoni esiningi ebholeni njengoba esedlale emaqenjini amaningi e-Europe. 

“UMichael Nees wathumela izithunywa zakhe ukuthi ziqale izingxoxo noMusona ngokuthi abuyele eqenjini lesizwe. 

“Kodwa kuze kube manje uKnowledge Musona usathule, akakayibuyisi impendulo eqondile kumqeqeshi.”

Iqembu lesizwe laseZimbabwe lisethubeni elihle kakhulu lokuthi lingene kwiCaf Africa Cup of Nations ezoba seMorocco ngoDisemba.

One thought on “UNengomasha akeneme ngokuchiza kukaMusona 

Comments are closed.